i-Gold Fields Ltd imemezele inzuzo evela kumasheya eyinani eliphelele elingu-R7,00 ngesheya ngalinye (u-R5,60 ngesheya ngalinye ngemva kwentela ekhokhiswa isabelo senzuzo evela kumashiwe).
Inzuzo ezivela kumasheya zizokhokhelwa bonke abahlomuli abanama-akhawunti asebhange asebenzayo ngomhlaka-10 Okthoba 2025 futhi kufanele ivele ezinsukwini ezimbalwa kamuva kubahlomuli abasemazweni e-SADC.