Sicela ufunde imininingwne elandelayo ukuze uthole ulwazi olumayelana nokonga, ukutshalwa kwezimali, ukwenza isabelomali, kanye namanye amacebo okwengamela imali yakho.
Funda futhi ukhule
IsiKhwama seMali Esisiwe simayelana nokungaphezu kwamasheya — ssimayelana nokwakha ulwazi lwesikhathi esizayo.

Izisekelo zokonga nokutshalwa kwezimali
Ukonga kusho ukubeka imali eceleni ngokuphepha okwesikhashana (isibonelo, ku-akhawunti yasebhange). Ukutshala imali kumayelana nokusebenzisa imali ukuze ikhule ngokuhamba kwesikhathi — ngokuvamile kunobungozi obukhulu, kodwa futhi nethuba lokuthola imbuyiselo enkulu
- Ukulondoloza = ukuphepha + ukufinyelela kalula. Kulungele izimo eziphuthumayo.
- Ukutshala = ukukhula + ukubekezela. Kungele okuphokophelwe esikhathini eside njengemfundo noma umhlalaphansi.
Icebo: Qala ngokuxuba — gcina njalo isikhwama sokonga sezimo eziphuthumayo bese ucabanga ngokutshala imali ongakwazi ukukukhokhela ukuze ukhule.


Ukuqonda amasheya nezinzuzo ezivela kumasheya
Isheya liyingxenye yobunikazi enkampanini. Uma ungumnikazi wamasheya, ungumnikazi wengxenye yalelo bhizinisi.
- Lapho inkampani yenza inzuzo, ingase ikhokhe izinzuzo ezivela kumasheya — ingxenye yalezo zinzuzo — kubaninimasheya bayo.
- Amasheya nawo angathengiswa: uma inani lamasheya likhuphuka, ungase wenze inzuzo. Uma ehla, ungase ulahlekelwe inani.
Amasheya e-Thusano Trust anikeze abahlomuli kokubili: izinzuzo phakathi neminyaka engu-15 futhi manje, ekunikezeni ngokusemthethweni, ithuba lokudayisa noma lokudlulisa amasheya abo.

Amacebiso ezimali zomuntu uqobo
Imikhuba emihle yemali yakha ukuzinza:
- Isabelomali: Bhala phansi imali oyitholayo nezindleko zakho — yazi ukuthi imali yakho iya kuphi.
- Gwema izingibe zesikweletu: Qaphela imalimboleko enenzalo ephezulu kanye nensiza yokuthenga ngesikweletu yesitolo.
- Londoloza imali njalo: Ngisho namanani amancane ayanda ngokuhamba kwesikhathi.
- Hlela kusephambilini: Gcina imali eceleni ngokuphathelene nokukhokhela imali yessikole, izimo eziphuthumayo, noma umhlalaphansi.
- Vikela lokho onakho: Qiniseka ukuthi imininingwane yakho yasebhange iphephile futhi uqaphele imikhonyovu yokuqolwa.

Isilulumagama Samagma Asetshenzisiwe
Amagama aphathelene nezezimali angakudida. Nasi isiqondiso esisheshayo:
- Umhlomuli — umuntu othola umhlomulo esiKhwameni seMali Eisiwe.
- Inzuzo evela kumasheya — inkokhelo eyimali evela ezinzuzweni zenkampani eya kubaninimasheya.
- Umthengisi (Broker) — uchwepheshe onelayisensi okusiza ukuthi uthenge, uthengise, noma ugcine amasheya.
- Ukunikeza ngokusemthethweni — lapho amasheya akho uwanikezwa ngokusemthethweni ngemva kwesikhathi sokulinda.
- Isiqondiso sentela — isiqondiso esivela ku-SARS sokuthi ingakanani intela okufanele idonswe kokukhokhelwayo.
- Ukuzikhethela okuzenzakalelayo — kwenzekani ngokuzenzakalelayo uma ungenzi ukukhetha (kwe-Thusano Trust: amasheya ayathengiswa bese kukhokhwa imali engukheshi).

I-BEE kanye Nobunikazi
I-Thusano Trust yasungulwa ukuze inikeze abantu baseNingizimu Afrika Abancishwa Amathuba Ngokomlando ingxenye yobunikazi ngqo ezinkampanini zezimayini. Lokhu kuyingxenye ye-Black Economic Empowerment (BEE), uhlelo lukazwelonke lokulungisa ukungalingani okudlule nokuqinisekisa ukuthi abantu abaningi bayazuza ezinsizeni zaseNingizimu Afrika.
Ngokuba namasheya, abahlomulayo banalokhu okulandelayo:
- Bathole izinzuzo evela kumasheya phakathi nenkathi yesiKhwama seMali Esisiwe.
- Bathole amalungelo okuvota njengabaninimasheya.
- Manje, banethuba lokudayisa noma ukugcina amasheya abo ngemva kokunikezwa ngokusemthethweni.
Lokhu akukhona nje kuphela ngenzuzo yomuntu uqobo — kuyingxenye yokwakha umnotho ongabandlululi futhi onobulungiswa.

Isibambiso esiwusizo
Thola izinsiza okulula ukuzisebenzisa ukuze zikuqondise:

Ukuchaza ukukhululwa kobunikazi bamasheya akho e-Thusano Trust

Ukuphendula imibuzo yakho (FAQs)

Ukuphendula imibuzo yakho 2 (FAQs)
Qaphela: Lolu lwazi alubhekeleli lokho okuphokophele wena uqobo, isimo sezezimali, noma izidingo futhi akumele kuthenjelwe kulo njengoluthatha indawo yeseluleko soqeqeshiwe.









